Kwesule obephenya ngokuthengwa kwezikhali
2013-01-17 16:33
Johannesburg - Ukusula esikhundleni komunye wabaphenyi, kuqubule imibuzo ngokusebenza kweKhomishana kaSeriti eqhuba uphenyo ngodaba lokuthengwa kwezikhala okungundabamlonyeni.
UNorman Moabi ongummeli nowabe eyinhloko yamaJaji ePitoli, uhambise incwadi yokwesula esikhundleni, ekhalaza ngokuthi uphenyo aluvulelekile ngokwanele, kusho umbiko wephephandaba iBeeld.
UMoabi ubhale incwadi eqondiswe kuJaji uWillie Seriti, ethi uyasula esikhundleni ngenxa yokuthi akasenakho ukuyethemba ikhomishana.
"Ngajoyina ikhomishana ngoba ngifuna ukusebenza ngokwethembeka nokuzinikela. Angeke ngakwazi ukuthula ngenze sengathi angiboni ukuthi yini eqhubekayo ngaphakathi kwikhomishana.”
Ngokusho kukaMoabi, uSeriti uphethe ikhomishana ngesandla sensimbi futhi uguqula amaqiniso.
UMoabi, walile ukuphawula ngesikhathi ethintwa yiphephandaba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).