Kwesatshelwa udlame lwezepolitiki eKZN

2012-08-03 10:06
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha nokuXhumana KwaZulu-Natal uWillies Mchunu, uhambise umbiko ngodlame lwezombusazwe oluqhubeka esifundazweni.

UMchunu wethulele isiShayamthetho umbiko, ngemuva kokudlanga kwezigameko zokubulawa kwamalungu amaqembu, enkulumweni yakhe uthe kungcono ukuqondana nodlame olwenzeka ngaphakathi eqenjini elilodwa, kunalolo olwenzeka ngaphakathi eqenjini kanjalo nangaphandle.

Ukhulume nephephandaba iThe Witness wathi bangu-30 abangamalungu amaqembu ezombusazwe asebebulewe kusukela ngonyaka ka-2010, uthe abangu-14 ababulawa ngo-2011, babe ngu-11 ababulawe kusukela kuqale u-2012.

UMchunu uthe unokukhathazeka ngokuthi uma kuqhubeka lezi zehlakalo, isifundazwe singase sibuyele kulokho esake saba yikho phambilini.

Uthe usekhulume noNgqongqoshe woMnyango wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa, emcela ukuthi kwethulwe ithimba elizobhekana ngqo nokuphenya ngalezi zigameko.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-23°C Passing showers. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-18°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 10-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...