Kweqe 5 weziboshwa eN West

2011-11-08 13:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Iziboshwa ezinhlanu ezithathwa njengeziyingozi zeqile esiteshini samaphiyisa e-Ottoshoop, eduze naseZeerust, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesibili.

Kukholakala ukuthi basebenzise ummese ukuvula uphahla olungenela endaweni yokuzivocavova yeziboshwa ngeSonto ngobo-16:30, kusho uBrigadier Thulani Ngubane esitatimendeni.

"Laba basolwa baneminyaka ephakathi kuka-25 no-30 ubudala babeboshwe ngamacala okuphanga, ukushisa impahla, ukushaya, nokugqekeza."

Amaphoyisa axwayisa umphakathi ukuba ungazami ukubabamba laba solwa kodwa bathinte amaphoyisa aseduzane uma bebabona.

UNgubane uthe amaphoyisa aseNorth West ngeke anqikaze ukuthatha izinyathelo uma lezi zigilamkhuba zeqe ngosizo lwamaphoyisa.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...