Kwenyuswe amaholo abasemapulazini

2013-02-04 16:43

Johannesburg - Sekumenyezelwe amaholo abuyekeziwe ekulindeleke ukuthi atholwe ngabasebenzi basemapulazini, kusho uMnyango wezabaSebenzi ngoMsombuluko.

UNgqongqoshe woMnyango uMildred Oliphant umemezele ukuthi abasebenzi bazothola umholo ka-R105 ngosuku.

Lokhu kusho ukuthi abasebenzi banyuselwe ngo- R36, eholweni abakade belithola elingu-R69, ngosuku.

Imiholo izoqala ukutholakala ngenyanga kaMashi.

"Imihlomulo emisha izokuba ngu-R105 ngosuku, abasebenzi bazosebenza amahora ayisishiyagalolunye ngosuku. Bazobhala u-R11.66  ngehora, kube ngu-R525 ngesonto, bese kwakheka ku-R2274.82 ngenyanga,” kusho u-Oliphant, etshela abezindaba ePitoli.

Izibalo zithi la maholo kuvunyelwane ngokuthi aqhubeke isikhathi esiyiminyaka emithathu, unyaka nonyaka enyuke ngo-1.5%.

Abasebenzi basemapulazini eWestern Cape, bangena esitelekeni esinodlame, befuna ukwenyuselwa amaholo ngo-R150 ngosuku.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-16°C More sun than clouds. Cool. Bloem: 0-12°C High level clouds. Cool.
Dbn: 10-12°C Rain showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 8-15°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...