Kwengezwe amacala abekwe u-Oscar
2013-02-20 12:02
Petoria - UMbuso uzokwethula isitatimende sobufakazi bokuthi kwakunengxabano engapheli emzini womsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius ngosuku okwabulawa ngalo intombi yakhe uReeva Steenkamp, kulalele iNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesithathu.
"Izenzo zikamsolwa nokufona ngalobo busuku kwakutshengisa ukuthi wayehlela yonke into eyeyenza," kusho uMshushisi woMbuso uGerrie Nel njengoba uPistorius efaka isicelo sebheyili.
UPistorius usolwa ngokubulala unobuhle nobegogode ezifundweni zomthetho ngeValentine's Day.
Encwadini efungelwe, uyaziphika lezi zinsolo wathi yena wadubula ngoba nakhu ezitshela ukuthi kunezigebengu egumbini lokugezela, engaboni ukuthi kukhona uSteenkamp.
Kuzophinde kunezezelwe icala lokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni ecaleni lokubulala likaPistorius.
Lokhu kulandela ukutholakala kwezinhlamvu zesibhamu i-.38 ngesikhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo.
Umphenyi kuleli cala uHilton Botha uthe uPistorius unelayisensi ye-9mm kuphela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA