Kwehlile ukukhulelwa kwentsha: inhlolovo

2011-02-01 13:40

Johannesburg - Sibukeka sehlile isibalo sentsha ekhulelwayo manje uma kuqhathaniswa neminyaka engamashumi amabili edlule, kusho inhlangano enza ucwaningo oluphathelene nezobuhlanga iSA Institute of Race Relations ngoLwesibili.

Phakathi kuka-1987 no-1989 kwakuzala intsha eyi-124 kweyi-1000, kodwa ngo-2008 sekuzala abangama-58 kuphela, kusho lenhlangano esitatimendeni esikhiphile kulandela ukuphuma kwemiphumela yenhlolovo yakamuva eyenziwe kubantu bakuleli laseNingizimu Afrika.

Lolu cwaningo alutholanga kuxhumana phakathi kokukhulelwa kwentsha kanye nesibonelelo sikahulumeni sezingane.

Ngo-1998 kwabekletha abantu abasha abangama-81 e-1000, beminyaka ephakathi kuka-15 no19.

Ngo-2008 kwabeletha abangama-58. Phakathi kuka-1998 no-2008, ukuzala kwentsha kwehlika ngamaphesenti angama-28.

"Lokhu ke kumataniswe nokukhula kwezinga lokusatshalaliswa kwamaphilisi kanye nokunye kokuhlela," kusho owalesi sikhungo uNachi Majoe.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...