Kwehlile ukubulawa kwabantu - Mthethwa
2012-09-20 12:02
Cape Town - Kwehle ngamaphesenti angu-3.1 ukubulawa kwabantu eNingizimu Afrika, kusho umbiko okhishwe nguNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa, ngoLwesine.
UMthethwa ubethula umbiko wonyaka wezimali u-2011/12, ePhalamende.
Embikweni wakhe uthe abantu abangaphezu kuka-18 000 babulawa phakathi kuka-2004/5, uthe lesi sibalo sehle saba ngaphansi kuka-16 000.
Amacala ocansi ehle ngo-3.7%.
"Kumele sikusho singuhulumeni ukuthi sisenakho ukukhathazeka ngezigameko ezikhona zokudlwengulwa kwabantu eziqhubekayo."
"Noma kwehlile ukudlwengulwa kwabantu kodwa namanje kusenzeka," kusho uMthethwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA