Kwebiwe imoto kaKhulubuse

2012-10-23 10:28

Durban - Kwebiwe imoto kanokusho yomshana kaMengameli uJacob Zuma, noyisikhulu semayini i-Aurora, uKhulubuse Zuma, ngesikhathi ipakwe ngaphandle kwesitolo sakwaKentuky Fried Chicken, eMbilo.

Imoto ibishayelwa unogada wakhe uZuma, obeye eKFC ukuyothenga ukudla ngesikhathi ekhonjwa gesibhamu, kubika iDaily News.

Imoto ngeyohlobo lweBMW 740i, kwenzeke lokhu uZuma esele ekhaya lakhe eDurban North.

Umthombo wethu uthe: “Bamkhombe ngesibhamu ekhanda base bethi akabatshele ukuthi ishayelwa kanjani. Kubukeka sengathi lolu hlobo lwemoto olunobuchwepheshe besimanje ibibaxakazisa labalisa."

Unogada ube esezama ukubatshengisa ukuthi idunyiswa kanjani kodwa babenokwethuka ngesikhathi bezwa ukuthi ekabani. 
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 9-18°C Showery. Morning clouds. Mild.
Jhb: 6-12°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 5-10°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 10-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-15°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...