Kwasayina iNkosi uShembe - Uchwepheshe
2012-09-11 15:21
Durban - Impela kwasayina umholi webandla iNazareth Baptist Church ongasekho emhlabeni encwadini ekhuluma ngozongena ezinyaweni zakhe, kulalele iNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili ngesikhathi uchwepheshe wezinto ezibhaliwe ethula ubufakazi.
"Ukuqubuka kokungaboni ngaso linye mayelana nokusayina okwakusencwadini esho ngozothatha izintambo nalokho okwakusencwadini yebandla kwangoFebhuwari 11, 2000, kanjalo nezinye izincwadi eziqoqiwe zitshengisa ukuthi kwasayina umuntu oyedwa, okunguMbhishombi uVimbeni Mbusi
Shembe," kusho uchwepheshe uMichael Irving.
U-Irving wayeyalelwe ukuba ahlole ukusayina kukaVimbeni kule ncwadi.
Wabe esenikezwa amanye amaphepha ake asayinwa nguVimbeni ayisithupha ukuze aqhathanise nawo.
"Izimpawu ezejwayelekile eziye zitshengise ukuthi kusayinwe ngomkokotelo azikho kulokhu," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA