Kwaphulwa umthetho ngolweDalai Lama

2012-11-29 14:04

Bloemfontein - Uhulumeni waphula umthetho ngesikhathi engakhiphi ngokushesha i-visa evumela iDalai Lama, ukuthi ihambele kuleli, kusho iNkantolo yokweDlulisa amaCala eBloemfontein, ngoLwesine.

Inkantolo ithe owabe enguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uNkosazana Dlamini-Zuma, wabambezela ukukhishwa kwe-visa, ngezizathu ezingabonakali.

Icala ladluliswa enkantolo ngumholi weNkatha Freedom Party uMangosuthu Buthelezi nomholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota.

Phambilini iNkantolo eNkulu eKapa yachitha ukudluliswa kwecala, ngesikhathi amaqembu efuna ukwazi ukuthi kwabe kuhambisana yini nomthetho ukuvinjwa kweDalai Lama ekuhambeleni kuleli.

Lo mholi wezenkolo waseTibet, waphoqeka ukuhoxisa uhambo lwakhe lwakuleli ngesikhathi kumele ahambele umgubho wosuku lokuzalwa luka-Archbishop Emeritus Desmond Tutu, ngesikhathi egubha iminyaka yobudala engu-80.

Lokhu kwathukuthelisa uTutu owaphumela obala wagxeka uhulumeni ethi uhambisa kabi ukwedlula uhulumeni wangesikhathi sobandlululo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bazoliphika icala abasolwa ngokubulala

Emizuzwini eyi-8 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 8-22°C Sunny. Mild. PE: 13-17°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...