Kwanele ngokuhlukumeza - ANCWL

2013-02-06 16:39

Johannesburg - Uphiko lwabesifazane eqenjini libusayo i-African National Congress Women's League luwotha ubomvu ngesehlakalo sokudlwengulwa kubulawe intombazane eneminyaka engu-17 ubudala.

"Kumele sihlangane siyisizwe silwisane nalesi sihlava, angeke kwabekezelelwa ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngalolu hlobo. Kumele bonke abantu baseNingizimu Afrika bahlangane kuliwe."

Isitatimende sophiko esihanjiswe kwabezindaba sithi amacala amayelana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, athela ngehlazo izwe.

"Kumele abesilisa nabesifazane bahlangane kusetshenziswanwe namaphoyisa ukulwa nalokhu kuhlukumeza."

U-Anene Booysen waseBredasdorp, esifundazweni saseWestern Cape, waluthwa yiqulu lamadoda amthatha ngoMgqibelo ehamba nabangani bakhe, ngakusasa watholakala edindilizile, esaphila, etholwa ngunogada owabiza amaphoyisa.

Isibhedlela sithi uBooysen wayelimele kakhulu, kungekho esingamusiza ngakho, nokho ushone esekwazile ukusho igama lomunye wabadlwenguli bakhe.

Bane abasolwa asebeboshiwe.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...