Kwande umkipito kunomshado - Ucwaningo

2013-02-06 14:04

Johannesburg - Ukuguquguquka kwezimpilo kubantu baseNingizimu Afrika kunesandla ekungagananini kwabantu bakuleli, kusho abakwaSA Institute of Race Relations, ngoLwesithathu.

Phakathi kuka-2003 no-2010, bayidlanzana abantu ababhaliswe ngokusemthethweni ukuthi bashadile, izibalo zehla ngamaphasenti ayisishiyagalombili unyaka nonyaka, kusho umcwaningi uThuthukani Ndebele.

Kusetshenziswa izibalo zakwaStats SA, kuvele ukuthi baningi abashade imishado yesintu kunalaba abashada imishado yesilungu.

"Imishado yesintu-Customary yehle ngo-42% isuka ku-17 283 eyabhaliswa ngo-2003, yaya ku-9 996 ngo-2010. Imishado emhlophe yona-Civil, yehle ngamaphesenti amane, isuka ku-178 689 yaya yafinyelela ku-170 826."

Ukushintshwa kwezimpilo zabantu abansundu, ezifana nokufuna ukushada uma abantu sebekhulile kanye nokukipita, nakho kunomthelela ekwehleni kwezibalo zabantu abashadile.

"Akusikho ukuthi abantu abashadi, kuphela nje kwande kakhulu ukukipita ezindaweni ezisemadolobheni," kusho uNdebele.

UNdebele uqhube wathi izingane ezikhuliswa ngabantu abashadile azikho semathubeni amaningi okuthi zibe ngabazali zisencane, zibe wuhlupho futhi zingasiqedi isikole.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...