Kwakuliwa nabavukuzi - Mpofu
2013-02-06 16:39
Johannesburg - Isiteleka sasemayini iLonmin, eMarikana kungashiwo kuthiwe siyisenzo sobugebengu bodlame olubhekiswe kubavukuzi ababesesitekeni, kusho ubufakazi bommeli obethulwe ngaphambi kweKhomishana kaFarlam.
Ummeli walaba abalimala uDali Mpofu, uthe kuzoqophiswanwa kuze kube sekugcineni ngalolu daba lwenhleklele eyenzeka eNorth
West, ngenyanga ka-Agasti ngonyaka owedlule.
"Sizoqophisana, ama-email akhomba ukuthi kwakukhona ingcindezi ekhona ebekwe phezu kwamaphoyisa kanjalo nohulumeni," esho ekhuluma ngaphambi kwale khomishana ehleli eRustenburg, eNorth West.
"Indawo ekwabe kuqhubeka kuyo isiteleka, kwabe kuyindawo ekahle ekwakungahlukunyezelwa kuyo abavukuzi."
UMpofu uvuse indala yama-email abe ephakathi komqondisi waseLomnin uCyril Ramaphosa kanye nomunye umphathi ophezulu.
Inhloso yekhomishana ukuthola kabanzi ngalokhu okwenzeka ngesikhathi kudutshulwa kubulawa abavukuzi abangu-34 abadutshulwa ngamaphoyisa besegqumeni eliseduze nemayini.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).