Kwadenjeselwa ngezingane ezabulawa eLimpopo
2012-10-11 10:02
Johannesburg - Isikhungo esigcina izingane eLimpopo, sabika ngokunyamalala kwezingane ezabulawa, sekudlule izinsuku ezimbili zingabonakalo, kusho iphephandaba iBeeld.
Lokhu kuvele ngesikhathi kuphendulwa umbuzo weDemocratic Alliance ebefuna ukwazi ukuthi zanyamalala kanjani izingane ezintathu ezagcina ngokuthi zikhandwe ngamatshe zibulawe.
Izingane lezi zabe zihlala esikhungweni iMontadi Youth Care Centre, eMookgopong.
UBafana Kekana, 9, noHosea Richard
Kekana, 10, kanye nomzala wabo uJohanna Kekana, 12, batholakala bekhandwe ngamatshe babulawa, mhlaka-18 Agasti.
Izidumbu zezingane zaziboshwe izindla nezinyawo, ziboshwe ngentambo yokubopha izicathulo, intombazane yona yadlwengulwa ngaphambi kokuthi ibulawe.
UMike Waters we-DA uthe kunesidingo esinqala sokuth uNgqongqoshe wezeNhlalakahle uBathabile
Dlamini, ajube ukuthi kuphenywe ngalokho okwaholela ekutheni kungasheshe kubikwe ngokunyamalala kwezingane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24
kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA