Kwaba yiphutha ukwamukela umsebenzi - Isikhulu

2012-10-05 14:07

Durban - UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthi incazelo oyitholile ngokusula kwesikhulu sase-Addington Hospital, uKobus Kotze, osanda kuqokwa, uthi wenza iphutha ngokwamukela lo msebenzi kwasekuqaleni.

Owalo Mnyango uDesmond Motha ubekhuluma neNewswatch kulandela ukusula kulesi sikhundla kukaKotze ngoLwesithathu, nobekuwusuku lwesithathu ekulo msebenzi.

"Akazange abalule lutho ngaphandle kokuthi uzwa sengathi wenza iphutha ngokwamukela lo msebenzi - njengoba ethi uphindela e-Eastern Cape."

Ukuqokwa kukaKotze kwaqinisekiswa ngenyanga eyedlule njengoba kuqhubeka uphenyo ngokusebenza kwalesi sibhedlela esakhelene nolwandle eThekwini.

Lesi sibhedlela sishoda kakhulu ngabasebenzi nezinsizakusebenza.

"UMnyango uzoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngendlela kulesi sibhedlela."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...