Kuzovulwa amakolishi othisha eKZN
2012-05-10 10:35
Durban - UMnyango wezeMfundo uhlose ekuvuleni okungenani amakolishi amabili okuqeqesha othisha avalwa KwaZulu-Natal, kulandela ukuvalwa kwenqwaba, kubika iThe Mercury.
Elilodwa lawo kulindeleke liqale ukusebenza ngonyaka ka-2014.
Kodwa, njengoba uhulumeni ezoguqula isinqumo kulandela ukuvalwa kwala makolishi ngeminyaka yawo-1990, kwamukelwe kodwa uMnyango uxwayise ngezinkinga ezingase zibe khona.
Inhloko yalo Mnyango uNkosinathi Sishi
uzwakalise ukukhathazeka ngezinga lemfundo elizoba kula makolishi - nokwaholela ekutheni avalwe kwasekuqaleni.
UPhini likaShansela e-University of the Free State uJonathan Jansen ungomunye wabaphumela obala ngokugxeka ukuvalwa kwala makolishi.
Isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme ngenyanga eyedlule uBlade Nzimande sokuthi kuzovulwa la makolishi eMpumalanga, e-Eastern Cape naKwaZulu-Natal sashayelwa ihlombe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24