Kuzovulwa amakolishi othisha

2013-01-24 14:08

Johannesburg - Zise mome izinhlelo zokuthi kubuyiswe amakolishi afundisa ubuthisela, nekubhekeke ukuthi aqale ukusebenza ngonyaka ozayo, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo emazingeni aPhakeme uBlade Nzimande.

Ekhuluma esidlweni sasekuseni ebesihlelwe yiephephandaba iNew Age, eGoli, uNzimande uthe kuzovulwa iNdebele College Campus, eSiyabuswa, eMpumalanga.

Ikolishi lizosebenzisana ne-University of Johannesburg, ngemuva kwalokhu kuzovulwa amanye amakolishi amathathu KwaZulu-Natal, iseLimpopo nase-Eastern Cape.

"Phakathi kuka-1994 no-2000, uhulumeni wavala amakolishi afundisa ubuthishela, wawahlanganisa nezinye izikhungo. Inhloso yalokhu kwabe kungukulinganisa imfundo eyabe ingalingani ngenxa yezinhlelo zikahulumeni wobandlululo."

UNzimande uthi ngonyaka ka-2012, uMnyango waqaphela ukuthi baningi abantu ababhalisela ukwenza izifundo zobuthishela.

Uthi balinganiselwa ku-38 000 abafundi ababhalisa ngo-2009, kwathi ngo-2010 kwabhalisa abangaphezu kuka-41 000.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...