Kuzothuthukiswa amakolishi eKZN

2012-03-09 12:15

Durban - Ayisishiyagalolunye amakolishi angaphansi kukahulumeni azothuthukiswa esifundazweni sakwaZulu-Natal, kubika iThe Mercury.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande uhlangane noNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo esifundazweni uSenzo Mchunu kanjalo nezigungu nabaphathi bamaFET ngoLwesine.

Inhloso ngalo mhlangano wukulungisa la makolishi abe sezingeni elamukelikile kubafundi abasanda kuphuma esikoleni.

Ngonyaka owedlule kwaphasiswa umthetho ngokuthuthukiswa kwamakolishi kahulumeni.

UMqondisi Jikelele walo Mnyango uGwebs Qonde uthi ngalolu guquko inhloso akusiyo yokuthi kuxoshwe abantu kodwa wukwenza isimo sibe ngcono emakolishi kahulumeni angu-50 akhona kuleli.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-23°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C a few showers. Breaks of sun late. Mild. Bloem: 14-21°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-26°C More clouds than sun. Mild. PE: 19-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...