Kuzothunyelwa odokotela eLimpopo

2013-01-08 15:02

Johannesburg - AbeSA Medical Association (Sama) ngoLwesibili bathe bazothumela odokotela eGeorge Masebe Hospital, eLimpopo, lapho kushone khona izingane ezine ngenxa yokushoda kwabo odokotela.

"Amalungu ethu azimele nasebenza kuhulumeni, asekhethe ukuvolontiya kusukela namhlanje ngoLwesibili, kusho usihlalo weSama uPhophi Ramathuba.

"Sizoshintshana ngokuhlinzeka ngosizo lwezempilo kuze kube isimo sibuyela kwesejwayelekile."

ISama isebenzisana noMnyango wezeMpilo eLimpopo ukuthola isisombululo ekushodeni kwabasebenzi, uRamathuba uthe ukushona kwezinsana kukhombisa ukuthi kunezinkinga zokuphatha ezibhedlela zomphakathi.

I-SABC ibike ukuthi akusiyo inkinga yokushoda kodokotela kuphela ekhona, kodwa nabaphathi besibhedlela nabo bebesemaholidini ngesikhathi kwenzeka lokhu.

"Siyazi ukuthi abantu banelungelo lokuthatha amaholidi ngesikhathi sikaKhisimusi, kodwa sisadinga izimpendulo kwiziphathimandla zezempilo ngokuthi zishone kanjani izingane," usho kanje.

URamathuba uthe kudingeka kwenziwe izinguquko ukuze abantu baphinde bakwethembe ukusebenza kwezempilo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-9°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-19°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-18°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...