Kuzoshuba kwezemfundo eMpumalanga

2013-01-04 11:01

Johannesburg - Izikole zaseMpumalanga ezithole ngaphansi kuka-50% wabaphasile zizothathwa njengezingawenzi umsebenzi bese kuthi abaphathi bakhona bachaze kabanzi, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uReginah Mhaule.

Ungqongqoshe uthe azikho izikole ngo-2013 esifundazweni ezizothola ngaphansi kuka-50%.

"Siqinisile ngalokhu esikushoyo, kodwa uma kwenzeka-ke, kukhona abazoxoshwa. Simile kwelokuthi isikole siyilokho uthishanhloko ayikho, ngakho bayohlale bephonswa imibuzo ngemiphumela yezikole zabo.”

UMhaule ubonge othisha ngeqhaza labo ekukhuphuleni izinga lokuphasa, wathi izifunda eziningi zenzekangcono.

Isifunda saseHlanzeni, esenza kahle ngo-2011, siwanyuse kakhulu amasokisi senza u-74% sisuka ku-72.1%.

EsaseNkangala sisuke ku-67.9% saya ku-73% ngo-2012, eGert Sibande sasuka ku-65.4 saya ku-69%.

Esikhombise ukwenza kangcono kakhulu iBohlabela, esisuke ku-9.8%, safinyelela ku-62.5% go-2012.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

'Bayanda abehlisa umthwalo wamabele'

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C High level clouds. Mild. Bloem: 9-17°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...