Kuzoqokwa inhloko ye-SIU - Radebe
2013-01-28 14:06
Johannesburg - Kulindeleke kuthi kushaya uFebhuwari ebe eseqokiwe ozongena esikhundleni sokuba yinhloko yethimba iSpecial Investigating Unit (SIU), kusho uNgqongqoshe woMnyango wezobuLungiswa uJeff
Radebe.
Ngilindele ukuthi abe eseqokiwe ozongena kulesi sikhala, engakapheli uFebhuwari. Seluqalile uhlelo," kusho ungqongqoshe.
"I-SIU wuphiko olubaluleke kakhulu eMnyangweni, nasekubhekeleni eziphathelene nobugebengu."
NgoDisemba 2011, uMengameli uJacob Zuma waqoka iPhini likaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi uNomvula Mokhatla, ukuthi abambe njengenhloko.
UMokhatla wangena esikhundleni sikaNomgcobo Jiba, naye owayebambile kusukela kwasula esikhundleni, inhloko uWillem Heath.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA