Kuzoqhubeka ukulungiswa kweNkandla - Cwele

2012-11-26 12:03

Durban - Ukulungiswa komuzi kaMengameli uJacob Zuma eNkandla ngeke kumiswe noma kuyekwe ngisho noma isikhathi sakhe sokuba ngumengameli sesiphela, kusho umbiko ngoMsombuluko.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso uSiyabonga Cwele, ephendula umbuzo wephephandaba iBeeld, uthe nakuba kungeke kwaqagulwa manje ngalolu daba, kodwa ngeke kwenze mqondo ukuyeka ukuwulungisa ngokuhamba kwesikhathi.

"Ezokuphepha ezafakwa emzini kalowo owabe engumengameli uPW Botha... Angikholelwa ukuthi zakhishwa ngesikhathi engaseyena umholi," kubikwa ukuthi uCwele usho kanje ephephandabeni..

UCwele ubebuzwe ukuthi imali engu-R250 million yokulungisa iNkandla ifanelekile yini.

"UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi umatasa uyaphenya. Angikholelwa ukuthi kuzothatha isikhathi eside, kodwa kumele kuphenyisiswe. Okunye okuzophenywa ngakho ukuthi kwalandelwa izindlela ezifanele yini, kanye nokuthi amanani awanyuswanga yini."

Khonamanjalo iphini likaNgqongqoshe wezeMpilo uGwen Ramokgopa useveze ukuthi iklinikhi eyakhelwe uZuma eNkandla ngeke isetshenziswe wumphakathi.

Ngaphezulu komtholampilo, uZuma uzophinde athole abezicishamlilo kanye nabezimo eziphuthumayo amahora angu-24.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...