Kuzophepha eGoli ngamaholidi - Umasipala

2012-12-04 16:34

Johannesburg - Kwethulwe izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha edolobheni laseGoli, njengoba kuza isikhathi samaholidi kaKhisimusi, kusho uMasipala waseGoli ngoLwesibili.

"Lona ngunyaka esizimisele ngawo ukuthi kube ngunyaka onokuphepha. Kubalulekile ukuthi umphakathi ube yingxenye yalolu hlelo," kusho isitatimende sikamasipala.

Abahlali baseGoli bayalwe ukuthi basebenzisane namaphoyisa kanye nezinhlaka zezokuthula ezikhona.

"Inhloso enkulu wukuthi kuqwashiswe umphakathi, uphinde ufundiswe ukusebenzisana nezikhulu ekuzameni ukuletha ukuthula."

Umasipala uveze ukuthi uzobhekisisa izinhlelo zokuphepha emgwaqeni, izinhlelo zokuhanjiswa kwamanzi, ukuphepha kwabahamba ngezinyawo kanjalo nezinhlelo zokugwema ubugebengu.

Isitatimende siqhubeke sathi abantu abahlala edolobheni abazohambela kwezinye izindawo, nabo bayayalwa ukuthi bafike bakhombise ukufundiseka, baziphathe kahle.

Amaphoyisa omgwaqo kuthiwe nawo azotshwala kuzo zonke izindawo edolobheni.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...