Kuzophenywa ngozibulalele esibhedlela

2013-01-11 13:02

Johannesburg - UMnyango wezeMpilo eGauteng uzophenya ngesehlakalo somlilo oqubuke egumbili esibhedlela, nekuthiwa uqalwe yisiguli, esigcine ngokushona.

Isehlakalo senzeke esibhedlela iNatalspruit Hospital, eKatlehong, kusho uMnyango.

UNgqongqoshe woMnyango uHope Papo uthi indoda lena ishone ngemuva kokusha kambi, kuthiwa ishise umbhede wayo, ngenhloso yakho ukuzibulala.

"Lesi siguli sangena esibhedlela mhlaka-30 Disemba, sishe ingxenye engu-50% yomzimba wayo,” kusho uPapo.

“ Lona ubelele egumbini lakhe yedwa, kwenzelwa ukuthi angangenwa ngamagciwane."

Abasebenzi basesibhedlela kuthiwa bazamile ukucisha imlilo kwangaba khona muntu omunye olimalayo.

"Lena yinhlekelele embi ekumele kuphenywe ngayo. Kumele kuhlale obala ukuthi kwenzekeni bese kugwenywa lokho ngesikhathi esizayo,” kusho uPapo.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Showers late. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...