Kuzophenywa ngosana olushone unina ebeletha

2013-01-21 16:07
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UMnyango wezeMpilo eGauteng, uyaphenya ngesehlakalo sokushona kosana olushone ngesikhathi unina ebeletha esibhedlela iKalafong, kusho okhulumela uMnyango uSimon Zwane.

Usana kuthiwa luthanqazeke phansi lwashona ngesikhathi unina ebeletha, sekwenzeke lokhu, kuthiwa udokotela wamshaya indiva umama wengane.

"Aseneme neze, kuzwakala sengathi kukhona owaba budedengu wanganakekela ngendlela isiguli.”

Iphephandaba iBeeld libike ukuthi uJanine Meiring, 33, waphuthunyiswa esibhedlela iKalafong, ngesikhathi esikwa enamasonto angu-27 ezithwele.

UMeiring utshele iphephandaba wathi ngemuva kokuhlolwa ngudokotela, wabuza ngengane kodwa watshelwa ukuthi akazihambele aye emanesini.

“Ngakhala ngatshela udokotela uktuhi ngiyahluleka ukuzihambela, wangiphoqa ukuthi ngihambe. Ngathi ngisanyathele kabili ngezwa ikhanda lengane ngamtshela udokotela wathi angiyeke ukuyithinta. Ingane yeza yaqathakela phansi.”

“Angiyikholwanga into eyenzeka, ngabuka udokoteka, wathi angiyicoshe ingane.”




 

  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Haze. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...