Kuzophenywa ngomlilo wasefemini eKapa

2013-02-25 10:05
Yabelani Shicilela

Cape Town - Izikhulu zezabasebenzi kulindeleke ukuthi zivakashele ifemu kawoyela iChevron, eKapa, kulandela ukushona komsebenzi ngesikhathi kuqubuka umlilo, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Iphephandaba iCape Times ibike ukuthi lo mlilo wenzeke ngesikhathi kulungiswa okuthile kule femu ngabo-16:30 ngoLwesihlanu.

Kushone indoda kwathi enye yalimala kabi.

Okhulumela ithimba lezinhlekelele uWilfred Solomons-Johannes uthe indoda eshonile ibulawe umlilo oqubuke kule femu.

Okhulumela uMnyango wezabaSebenzi esifundazweni uCandice van Reenen utshele iphephandaba ukuthi uma izikhulu zabo sezihambele le femu ngoMsombuluko ntambama, bazobe sebekwazi ukuhlanganisa umbiko ngokwenzekile.

Inkampani ithe ihlinzeke ukuthi balulekwe ngokwezengqondo futhi besekwe labo abathintekayo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...