Kuzophazamiseka amatekisi eKZN
2012-07-23 10:04
Durban - Kulindeleke ukuba kube nokuphazamiseka kwamatekisi futhi KwaZulu-Natal njengoba osomatekisi nabashayeli bawo bezomashela ehhovisi likaNdunankulu, uDkt Zweli Mkhize, eMgungundlovu ngoLwesithathu, kubika iDaily Sun.
UNobhala weKZN Taxi Alliance uBongani Mhlongo, uthe ukusebenza kwamatekisi kuzoma kuso sonke isifundazwe usuku lonke.
UMhlongo uthe le mashi iyisiqalo abahlose ngaso ukuba kuxoshwe ibhodi lezokuthutha esifundazweni.
Imashi izoqala eDales Park eMgungundlovu ibheke ezindlini zesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
UMhlongo uthe incwadi yezikhalazo bazoyinika uNdunankulu hhayi omunye umuntu.
“Siyabazwela abagibeli bethu abazosala dengwane ngenxa yemashi kodwa lokhu kungaphezulu kwamandla ethu. Njengabasebenzi bamatekisi, sesizame zonke izindlela manje sekuyisikhathi sokuba abantu abenza imithetho kwezepolitiki esifundazweni banyakaziswe."
Ibhodi lezokuthuha elikhona, elilawula imboni yethu, alazi lutho ngebhizinisi lamatekisi, kusho uMhlongo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Daily Sun