'Kuzonikelwa' ngamagama ezigebengu esontweni

2012-12-10 14:02

Johannesburg – Izakhamuzi esezikhathele ubugebengu endaweni yaseThekwini eWentworth seziqhamuke nendlela engajwayelekile yokudlulisela ulwazi ngabashushumbisa izidakamizwa emaphoyiseni endawo – ngokufaka ulwazi ezinalo esitsheni somnikelo emasontweni, kubikwe ngoMsombuluko.

"Ayikho indawo ongayihamba eWentworth ungahlangabezani nabashushumbisa izidakamizwa nalabo abazidlayo,” kusho uReverend Cierigh Samaai, weSocial Action Alliance Campaign, etshela iBeeld.

Amabandla kanye neCommunities Building Credible Ownership basungule lolu hlelo ngokuhlanganyela noColonel Deon Singh, ongumphathi siteshi omusha wamaphoyisa aseWentworth.

Ngokusho kukaSamaai, sekwenziwe ifomu ezogcwaliswa ifwakwe rmvalaphini efanayo naleyo esetshenziswa emasontweni ukufaka umnikelo, ngeke ulidalule igama lakho.

Ulwazi oluyotholakala luzodluliselwa emaphoyiseni.

"Inkinga yezidakamizwa eWentworth inkulu kakhulu njengoba kunabantu abasuka nasezindaweni ezikude ezifana naseNewcastle ukuzothenga izidakamizwa," kusho uSamaai.

"Abashushumbisi bezidakamizwa bakhokhela abantu imali yokuhlala kanye nemali yesikole ukuze bona basebenzise amaflethi abo ukugcina izidakamzwa noma ukuzidayisela khona,” kubike iphephandaba.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

2014-12-22 18:06
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 18-32°C Tstorms late. Morning clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...