Kuzoma ukubhidlizwa kwezindlu - Inkantolo

2012-11-23 16:30

Johannesburg - Angeke kusaqhubeka ukubhidlizwa kwezindlu zabahlali baseLenasia, kuze kube kutholakala isisombululo odabeni lwabo, kusho iNkantolo eNkulu eGoli.

UMnyango wezeZindlu eGauteng ukanye neSA Human Rights Commission (SAHRC) bavumelane ngokuthi kuboniswanwe ngalolu daba ngaphandle kwenkantolo.

IJaji uPhineas Mojapelo uhlehlise ukubhidlizwa kwezindlu wathi akuze kutholakale isisombululo esinokuthula sokuthi kuzokwenziwani ngalezi zindlu ezakhiwe emhlabeni kahulumeni.

Akuvelanga ukuthi zizoqala nini izingxoxo phakathi kweKhomishana noMnyango.

Abahlali baseLenasia bathengiselwa umhlaba ngokungekho emthethweni bekhokha imali esukela ku-R2500 iya ku-R95 000, baphinde banikwa amatayitela omkokotelo.

Umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema uhambele abantu baseLenasia waphinda wakhuluma nabo ngesikhathi bengaphandle kwenkantolo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...