Kuzoliwa nokuvalwa kwezikole eW Cape
2012-11-21 10:00
Cape Town - Zonke izikole ezingu-20 zaseWestern Cape ezizovalwa thaqa wuMnyango wezeMfundo esifundazweni, seziyise udaba lokuvalwa kwazo enkantolo, ngenhloso yokuphikisa isinyathelo soMnyango, kusho iphephandaba iCapa Times ngoLwesithathu.
Izikole zifuna iNkantolo eNkulu eWestern Cape ivimbele uMnyango wezeMfundo, bese kucwaningisiswa ngalolu daba.
Ukuhanjiswa koMnyango enkantolo kuhlanganiswe ngabaqhuba umkhankaso obizwa ngeSave Our Schools Campaign, abanobudlelwano ne-African National Congress.
Kulindeleke lolu daba lulalelwe yinkantolo mhlaka-30 Novemba.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo esifundazweni uDonald Grant, wamemezela ngokuvalwa thaqa kwalezi zikole ngenyanga eyedlule, ethi isinyathelo sithathwe kulandela izizathu eziningi ezihlanganisa nokushoda kwabafundi kwezinye zazo.
Umkhulumeli kangqongqoshe uBronagh Casey, utshele iphephandaba wathi ngeke sibuyekezwe isinqumo sokuvala izikole.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA