Kuzolalelwa olwamaphoyisa aseKhayelitsha

2012-12-10 12:04

Cape Town - Sizolalelwa eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape isinqumo sikaNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa sokuthi kumiswe uphenyo ngamaphoyisa aseKhayelitsha, nekuthiwa awawenzi ngendlela umsebenzi, kusho okhulumela uMthethwa uZweli Mnisi.

Lolu daba bekumele lulalelwe ngoMsombuluko.

UMnisi uthe kuzodingidwa ngokumisa ikhomishana yophenyo kanjalo nezinto ezithinta le khomishana.

UMthethwa wafaka la maphepha enkantolo ngoNovemba ukuthi kumiswe le khomishana okwesikhashana, njengoba kusazokhishwa isinqumo ngokwakhiwa kwayo.

UNdunankulu wesifundazwe uHelen Zille wajuba le khomishana ngo-Agasti ukuba iphenye ngokusebenza kwamaphoyisa eKhayelitsha, eKapa.

UZille wathi le khomishana iyadingeka ngenxa yokuthi sekuphelile ukwethembana phakathi kwezakhamuzi namaphoyisa kuleliya lokishi nokudala ukuthi umphakathi uzibambele umthetho ngezandla.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...