Kuzolalelwa isicelo sikaJub Jub

2013-02-07 09:16

Johannesburg - Kuzolalelwa isicelo sokuphikisa isigwebo seminyaka engu-20 ebhadla ejele ngelokubulala nokuzama ukubulala, umculi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye eNkantolo yeMantshi yaseProtea.

Yena nasolwa naye uThemba Tshabalala bagwetshwa ngoDisemba 5 iminyaka engu-20 umuntu ngamunye ebhadla Ejele ngokubulala, emine yokuzama ukubulala nowodwa wokushayela bedle izidakamizwa, ukushayela budedengu nokubekelelana ngezimoto emgwaqeni womphakathi.

Laba babeqhudelana ngezimoto eProtea North ngoMashi 2010 ngesikhathi beshayisa isixuku sezingane zesikole.

UPrince Mohube, Mlungisi Cwayi, Andile Mthombeni noPhomello Masemola bashona kule ngozi, kwathi uFrank Mlambo noFumani Mushwana balimala kabi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Cool. Pta: 16-29°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 11-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 12-29°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...