Kuzolalelwa icala ngeDalai Lama

2012-11-09 16:38

Bloemfontein - INkantolo eNKulu yokweDlulisa amaCala izolalela isicelo seNkatha Freedom Party kanye neCongress of the People, sokuthi kuphenywe ukuthi kwakuhambisana yini nomthetho ukuthi uMnyango wezaseKhaya unganiki umholi wenkolo waseTibet, imvume yokungena kuleli.

IDalai Lama yancintshwa i-visa yokuthi ingene kuleli ngesikhathi imenywe emcimbini wokubungaza usuku lokuzalwa luka-Archbishop Emeritus Desmond Tutu.

"Ngenxa yezizathu ezingaqondakali udaba lukaDalai Lama lubeka obala ubudlwelwano obukhona phakathi kwabaphathi baseNingizimu Afrika nohulumeni waseChina," kusho okhulumela i-IFP uMario Oriani-Ambrosini.

"Abameli bakahulumeni bahambise amaphepha ngaphambi kwenkantolo bethi ukunganikwa kweDalai Lama i-visa, akuhlangene nohulumeni waseChina," echaza.

Umgcotswha lona uhlonishwa kakhulu ngegalelo lakhe njengoba esake wahlomula nangendondo iNobel Peace Prize, ukwazi ukuhambela amazwe amaningi ngaphandle kwaseNIngizimu Afrika naseChina.

Ngesikhathi engayitholi imvume yokungena kuleli, uMbhishobhi uTutu wathi uhulumeni wakuleli unesihluku udlula owangesikhathi sikahulumeni wobandlululo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...