Kuzokwethulwa incwadi nge-Eastern Cape
2013-01-14 16:35
Johannesburg - Iqembu i-African National Congress esifundazweni i-Eastern Cape, lizokwethula incwadi ekuhloswe ngayo ukuthi ifundise abantu ngomlando wesifundazwe kanjalo nendima yaso emzabalazweni, kusho iqembu ngoMsombuluko.
"Incwadi kuhloswe ngayo ukufundisa abantu baseNingizmu Afrika, ikakhulu abantu abasha mayelana ne-Eastern Cape nomzabalazo," kusho isitatimende seqembu.
Incwadi engumqulu ongamakhasi angu-106, iqanjwe kwathiwa 'Umbutho Wesizwe' (Party For The Nation).
Abanye babantu incwadi ekhuluma ngabo, bahlanganisa uVuyisile Mini, iNkosi uBuyelekhaya Dalindyebo, Walter Rhubusana, Mesach Pelem, Umfundisi uJames Calata, Walter Sisulu, Florence Matomela, Nelson Mandela, Oliver Tambo nabanye abaningi.
Incwadi izothengisa ngo-R200 kanti izokwethulwa ngoLwesihlanu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).