Kuzokwelekelelana izikole eKZN

2013-01-31 14:02

Durban - Iyaqhubeka imizamo yokuthi izikole ezenza kahle KwaZulu-Natal zisize lezo ezihlulekayo ukunyusa izinga lokuphasa kwabafundi baka-matric, kubika iNewswatch.

UMnyango wezeMfundo uthi ufuna ukwenza ngokusemthethweni uhlelo lokusizana ezikoleni iSchool Twinning Program.

Okhulumela uMnyango uMuzi Mahlambi uthi lolu hlelo luzokwenza ukuba izikole ezenza kahle zisebenzisane nalezo ezithola ngaphansi kuka-35% wabaphumelelayo.

"Izikole ezithole ngaphansi kuka-35% zizobaseqhulwini, bese kuthi lezo ezisebenza kangconywana zona, kodwa ezifuna ukwenza kangcono noma kungehli, nazo zizogqugquzelwa ukuba zingene ngaphansi kwalolu hlelo,” kusho uMahlambi.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uSenzo Mchunu uzobamba isidlo sakusihlwa ngoLwesine ukubungaza nezikole ezithole u-100% nalezo ezithole u-90% njengoba bekusanda kuphuma imiphumela ka-matric 2012.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuzonqunywa ngelizayo ngabe-EFF abamiswa

Emizuzwini eyi-13 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...