Kuzokwazeka ngoluka'Mgqumeni'

2012-06-18 13:55
Yabelani Shicilela

Durban - Kuzokwazeka ngoMsombuluko ukuthi lizoqulwa nini icala elibhekene noSibusiso Gcabashe owaqamba amanga wathi ungumculi kamaskandi uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo owashona ngo-2009.
 
Ngokusho kommeli kaGcabashe, uJohan Botha, ngeke leli cala liqale ukuqulwa ngoMsombuluko njengoba bekuhleliwe ngenxa yokuthi izinto eziningi azikho esimeni, kusho iSolezwe.

“Umphenyi wecala akekho, ofakazi okumele bazofakaza kuleli cala nabo abathintiwe nomshushisi uMpungose obengamele leli cala ngesikhathi liseNquthu uthole omunye umsebenzi eGoli,” kusho uBotha.

Leli cala selidonse izinyanga ezinhlanu njengoba uGcabashe watholakala ebhekene namacala amabili okuzenza umuntu angesiye nelenkohlakalo.

La macala aphinde alanywa ngelinye njengoba wazama ukweqa enkantolo okwathi uma ummeli wakhe ebuzwa ngalokhu wathi uGcabashe umbikele ukuthi akaphilile udinga ukubona inyanga.

Kuleli cala kuhlala kunezidubedube kanti namanje umndeni wakwaKhumalo la kwafikela khona uGcabashe usashaya phansi ngonyawo uthi ingane yawo le.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 7-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 9-19°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...