Kuzokuba noguquko komasipala e-E Cape

2013-02-11 10:01

Johannesburg - Amalungu eqembu elibusayo i-African National Congress komasipala base-Eastern Cape, angase athuthelwe kwezinye izindawo, kusho umbiko wangoMsombuluko.

UMngcinimafa weqembu uThandiswa Marawu, utshele iphephandaba iDispatch Online wathi kukhulunywe kwi-lekgotla, ebibanjelwe e-East London, kwanqunywa ukuthi kube khona amalungu azothuthela kwezinye izindawo.

"Ukuhanjiswa kwentuthtuko kuyaphazamiseka, hhayi ngenxa yokushoda kwezimali kodwa ngenxa yodweshu lwangaphakathi komasipala. Kumele kuthi kuphela inyanga kaMashi kube sekulungisiwe lokhu," kusho uMarawu.

UMarawu ubale uMasipala waseBuffalo City kanjalo neNelson Mandela njengezizinda ezidinga ukubhekisiswa, kwaba nguMasipala waseMnquma, iseButterworth, Mbashe, kube yiKing Sabata Dalindyebo kanjalo neMbizana esePort St Johns.

“Kwayimanje zikhona izincomo zokuthi kwenziwe uguquko. Kuzoshintshwa abasebenzi komasipala ekubukeka sengathi isimo angeke sisalungiseka neze kubo.

“Ngezinye izikhathi kuyenzeka abaphathi baphume baphele emigomweni yeqembu, kokunye kube izimeya. Kuzokuba khona uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe."


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-18°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...