Kuzokhunjulwa abashona beyofuna umsebenzi
2013-01-08 07:09
Johannesburg - Kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo sabantu abayisikhombisa abashona ngesikhathi behlolelwa umsebenzi wokuba ngamaphoyisa omgwaqo, eMgungundlovu.
Inkonzo yesikhumbuzo sabashona izobanjelwa ePietermaritzburg City
Hall, ngo-10:00, ngoLwesithathu, kusho isitatimende sikaNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha uWillies Mchunu.
Abashona babegijima umhajo ka-4km, oyingxenye yokuhlolelwa ukuba yiphoyisa likamasipala, lokhu kwenzeka enkundleni yezemidllalo iHarry Gwala Stadium, ekhona eMgungundlovu, ngoDisemba.
Oyedwa kulaba abashona kukholakala ukuthi wazibulala.
Kusukela kwenzeka lesi sigameko, uMnyango wamisa konke ukuhlolwa okwenziwayo uma kuqashwa amaphoyisa, abantu abangaphezu kuka-34 000 batheleka ukuzohlolelwa izikhala zomsebenzi wabantu abangu-90 kuphela.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).