Kuzokhishwa isinqumo kwelikaTerre'Blanche

2012-05-22 08:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kulindeleke ukuthi kuqale ukwethulwa kwesinqumo ecaleni lokubulawa kukalowo owayengumholi we-AWB u-Eugene Terre'Blanche, enkantolo enkulu ehlezi eVentersdorp.

UChris Mahlangu nomfanyana basolwa ngokushaya babulale uTerre'Blanche epulazini lakhe elingaphandle kwaseVentersdorp, eNorth West, ngo-Ephreli 2010.

Bobabili bawaphika amacala okubulala, ukugqekeza nokuphanga besebenzisa indluzula.

UMahlangu uthi wayezivikela.

Umfanyana uyazihlangula kuleli cala.

"Kulindeleke ukuba isinqumo sithathe isikhathi eside," kusho uJaji John Horn etshela inkantolo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Partly cloudy. Mild. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...