Kuzogwetshwa ikhehla ngelokudlwengula
2012-09-13 11:01
Cape Town - Indoda, 78, ilahlwe yicala lokudlwengula intombazane esencane kanti kulindeleke ukuthi igwetshwe eNkantolo yesiFunda e-Oudtshoorn, kusho umbiko ngoLwesine.
Iphephandaba iDaily Voice ibike ukuthi uJan Prins uzogwetshwa ngoLwesine ngokutholakala enecala lokudlwengula intombazane, 13, ekhaya lakhe ngoNovemba.
Le ngane yakwazi ukweqa ngesikhathi le ndoda isaphumile.
UPrins kuthiwa waliphika icala wathi iyona intombazane le eyamhlasela.
IMantshi uDaniel Boks usichithile isiphakamiso sikaPrins, wathi usebushintshe kaningi ubufakazi bakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA