Kuzofakwa amakhondomu ezikoleni eKZN

2013-01-31 12:04

Durban - Izikole zaKwaZulu-Natal zibheka izindlela zokusabalalisa amakhondomu ezikoleni nokuthi abafundi bakhuthalele ukuhlolelwa i-HIV/Aids, ngokusho kombiko ngoLwesine.

Udaba oludingidwayo ukuthi lokhu kwenziwe kanjani, kucashunwe uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uSenzo Mchunu kuThe Mercury.

UMchunu uthi ukhathazekile ngemikhuba engemihle ebukeka ikhula ezikoleni, njengoba kukhulelwe abafundi abangu-10 595 ngo-2011 esifundazweni, nokulethwa kotshwala nezidakamizwa emakilasini.

"Sifuna abazali nemikhandlu eyongamele izikole ixoxe ngalolu daba. Akumele silokhu siba namahloni ngokuthi izingane zethu zizibandakanya ocansini zisezincane," esho.

UMnyango kuthiwa uzobheka kakhulu izikole lapho liphezulu khona izinga lokukhulelwa kwabafundi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Tstorms late. Broken clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. Bloem: 18-23°C Thunderstorms. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 22-30°C Tstorms late. Mostly cloudy. Warm. PE: 20-27°C Numerous showers. Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...