Kuzofakaza umvukuzi kolwaseMarikana

2013-02-20 07:48

Johannesburg - Umvukuzi owalimala ezibhelwini zika-Agasti 16 ngonyaka odlule emayini yakwaLonmin eMarikana, kulindeleke ukuba ethule ubufakazi ngaphambi kweKhomishana kaFarlam.

NgoLwesihlanu, uDali Mpofu, nomele abavukuzi abalimala nababoshwa, wazwakalisa ukuthi uzimisele ngokubiza umvukuzi oke wethula ubufakazi ngesonto eledlule ukuba aphinde angene ebhokisini.

Le khomishana iphenya ngokufa kwabantu abangu-44 ngesikhathi kunesiteleka esingagunyaziwe emayini iLonmin Platinum, eMarikana nyakenye.

Ngo-Agasti 16, kwadutshulwa kwabulawa abavukuzi abangu-34 kwathi abangu-78 balimala ngesikhathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu ezama ukubahlakaza.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-25°C Scattered showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-22°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...