Kuzofakaza izisulu kwelomdlwenguli

2012-07-30 12:33
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Abathathu ekukholakala ukuthi bayizisulu zomdlwenguli u'Sunday rapist', kulindeleke ukuthi bakhwele ebhokisini lofakazi ngoMsombuluko, eNkantolo eNkulu ehleli kweyeMatshi ePalm Ridge.

Intombazane eneminyaka engu-16 ubudaka izoba ngeyokuqala ukwethula ubufakazi ngoMsombuluko, izokhuluma ifihliwe ngenxa yeminyaka yayo.

Umsolwa uJohannes Jacobus Steyn, kuthiwa wabulala amantombazane ayesafunda isikole uLouise de Waal noLazanne Farmer.

Ubhekene namanye amacala angu-11 okudlwengula, angu-10 okuhlukumeza ngokocansi, angu-10 okuthumba, elilodwa lokuzma ukuhlukumeza ngokocansi, elilodwa lokuzama ukuthumba kanjalo namabili okukshaya.

Umsolwa uyawaphika wonke macala.

NgoLwesihlanu intombazane eneminyaka engu-1 ubudala yachazela inkantolo ukuthi yabanjwa kanjani futhi yahlukunyezwa kanjano ngokocansi ngesikhathi ithunjwa iya ekhaya ibuya esitolo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-26°C Sunny. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...