Kuzodingidwa ngoZuma ngo-2013 - ANC

2012-11-21 16:34

Johannesburg - I-African National Congress ePhalamende iyavuma ukuthi kudingidwe ngoMengameli uJacob Zuma odabeni lokungethenjwa kwakhe okushiwo ngamaqembu aphikisayo, nokho lokhu kuzokwenzeka ngonyaka ozayo ngenyanga ka Febhuwari, kusho usotswebhu weqembu uMathole Motshekga.

Isitatimende sikaMotshekga sithi iqembu aliphikisani seziphakamiso samaqembu sokuthi kudingidwe bese kuvotelwa ukuchitha umengameli, nokho uthi lokhu akulula ukuthi kungenzeka okwamanje.

UMotshekga uthi ziningi kakhulu izinhlelo ezihlelwe yiPhalamende kusukela mhlaka-26 Novemba kuze kube umhlaka-7 Disemba.

"Ukuhlehlisa zonke lezi zinhlelo angeke kwaba kuhle futhi kungalahleka nezimali ezithile,” kuqhuba uMotshekga.

Ube esecela amalungu ePhalamende ukuthi azilungiselele ukubamba le nkulumo mpikiswano, athi ingebaluleke kakhulu.

"Sizogcizelela ePhalamende ukuthi inkulumo mpikiswano ibanjwe mhlaka-26 Febhuwari 2013,”





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...