Kuzocatshangelwa abahlali eThekwini

2012-07-17 16:51

Durban - Umnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natali uzohlangana noMasipala waseThekwini ukuzama ukuthola ukuthi kungabanjiswanwa kanjani emizamweni yokuhambisa intuthuko kubantu abalinganiselwa ku-400 basemikhukhwini eyakhele iTheku.

Abezindaba zeNewswatch bathe iMeya uJames Nxumalo ekanye noNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uRavi Pillay, babambe izingxoxo ngemuva kokuhambela abahlali basemikhukhwini yaku-Kennedy Road.

Balinganiselwa ku-50 abantu abasale dengwane ngesikhathi kuhlasela umlilo kulemikhukhu ngeSonto.

"Sidinga izindlu; sesikhathele- zonke izinsuku sivika imililo," kusho omunye wabahlalil.

Umasipala kuthiwa usubeke eceleni izigidi, ukulungiselela abahlali basemikhukhwini.

Isikhulu sikamasipala uNigel Gumede uthe abahlali nabo banendima ekumele bayidlale.

"Njalo uma kukhona okuqalwa ngumasipala, kubakhona izinkinga ezibe seziqubuka. Abantu akumele bameme abangani babo abazofika babe ngo'siyayinyomfa - lokho kuyawuphazamisa umsebenzi kamasipala."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...