Kuzoboshwa ezinye izikhulu kolwaseLenasia

2012-11-26 14:02

Johannesburg - Ziyanda izikhulu ezizokhalelwa ngamasongo kaSigonyela eMnyangweni wezoHulumeni beziNdawo kanjalo nakowezeziNdlu eGauteng mayelana nezindlu ezakhiwa ngokungemthetho eLenasia.

Lokhu kuvezwe nguNobhala we-ANC esifundazweni uDavid Makhura nabambisene nabo ku-ANC - iSACP, Cosatu neSanco - nabathe izakhamuzi ezithintekayo kumele ziveze ubufakazi ubukhombisa ukuthi kukhona imali eyakhokhelwa lezi zikhulu ezazidayisa umhlaba kahulumeni.

Lokhu kuvele ngesikhathi uMnyango neSA Human Rights Commission bevumelana ngokumisa ukudilizwa kwalezi zindlu.

Lesi sivumelwano siza ngemuva kokudilizwa kwezindlu ezingaphezu kuka-60 eLenasia.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Passing showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-29°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-24°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-26°C Afternoon clouds. Mild. PE: 13-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...