Kuzobhikishelwa ama-etolls
2012-11-23 16:30
Johannesburg - Uhlelo oluyizigaba ezintathu oluhlelwe yiCongress of SA Trade Unions lokubhikishela ukulwa nama-e-toll, kulindeleke ukuthi luqale ngesonto elizayo.
"Kuzokuba nesiteleka esingukhukhulela ngoqo mhlaka-30 Novemba," kusho uNobhala womfelandawonye eGoli uDumisani Dakile.
Umbhikisho waseGoli uzoqala ngo-09:00 eMary Fitzgerald Square, eNewtown, ababhikishi bazosuka kule ndawo ngo-11:00 bahambele emahhovisi oMnyango wezokuThutha nawoMnyango wezeZindlu.
"Sazise abakwaNedlac ngakho konke okudingakalayo ngaphambi kombhikisho, sifuna ukuqinisekisa ukuthi amalungu ethu aphephile ngokuphelele."
EPitoli umbhikisho uzosukela eSophie De Bruyn Street, ngo-09:00 bese kuyiwa emahhovisi oMnyango wezokuThutha nowezeziMali.
Eminye imibhikisho izohlelelwa umhlaka-6 Disemba.
"Sizovala yonke imigwaqo emikhulu yaseGauteng."
EKurhuleni, iCosatu ihlela ukuvala u-N12, N17, N3, no-R21, kuthi eTshwane kuvalwe u-N1, N4 no-R21.
EGoli kuzovalwa u-N1, M1, M2, no-N12.
Ingxenye yesithathu kuhlelwe ukuthi ibanjwe ngoFebhuwari uma sekuvulwa iPhalamende likazwelonke neziShayamthetho.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).