Kuzoba yihlobo elimatasa - Ongoti bezinyoka

2015-08-31 16:09

Johannesburg -  Ongoti bezinyoka balindele ukwehla benyuka kuleli hlobo njengoba sekubanjwe izinyoka ezimbalwa endaweni yaseNelson Mandela Bay.

UMark Marshall ongumnikazi weSandula Conservation ophinde abe ngungoti wezinyoka usebambe izinyoka eziyisithupha ezindaweni ezahlukene emasontweni amabili adlule.

Ezigamekweni zakamuva kufe inja eneminyaka emibili  ngemuva kokuba ilunywe yinyoka yohlobo lwe-puff adder ngesikhathi ilwisana nayo engadini emzini oseKunene Park ngoLwesithathu olwedlule ntambama.

UMarshall owabizelwa endaweni yesigameko owafike wabamba le nyoka engama-1.2m uthe inja yaphuthunyiswa emtholampilo wezilwane ngemuva kokulunywa.

OLUNYE UDABA: Izinyoka zinothando njengabantu

UMarshall owabizwa ngomakhelwane ngemuva kokuba beyzwe ukukhonkotha kwezinja emgwaqeni uBlyth.

“Babecabanga ukuthi kuyagqkezwa kulo muzi kodwa ngemuva kokubona okwakuqhubeka engadini, inja ilwisana nenyoka bazisa abanikazi bomuzi ngokushesha.”

UDokotela wezilwane uKelly Flanegan uthe uMonster, inja walunywa egxalabeni lesinxele.

UMarshall ube esethi izinyoka ezidla amaxoxo ezifana nezohlobo lwe-rinkhals‚ ired-lipped heralds neze-night adders ziyanda ngenxa yokwanda kwamaxoxo adalwa yizimvula.

Lo ngoti uphinde wachaza wathi ehlobo kushisa kahulu okudala ukwanda kezinyoka ezizungezayo zifuna ukudla kanti nokuqala kwesizini yokuzala kwazo, zingena emzini yezakhamuzi, kubika iTimesLive.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...