Kuzoba nokuthula eMangaung - Mashatile

2012-11-23 12:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Isishoshovu se-African National Congress uPaul Mashatile uthi umhlangano wokuqokwa kobuholi beqembu ozobanjelwa eMangaung ngenyanga ezayo, uzoba nokuthula futhi angeke kube khona kuchithela kwegazi.

Abe-Eyewitness News bathi uMashatile usho kanjena ekhuluma emhlanganweni obuhlelwe ngabeDaily Maverick, obubanjelwe eVictory Theatre, eGoli.

UMashatile uthe ingqungquthela angeke igcine ngokuba ngeyobuholi kuphela kodwa kuzophinda kubhekwe ukuthi iqembu lingaziphucula kanjani izimpilo zabantu kuxazululwe nezinkinga ezikhungethe.

“Kunomqondo okhona kubantu wokuthi kunoqhekeko eqenjini ngalokho kuzoba nokuchitheka kwegazi uma kuhlanganwa eMangaung. Umhlangano uzohamba ngohlelo."

UMashatile uthi ukholwa wukuthi iqembu lizobuya eMangaung selibumbene kakhulu kunakuqala, usho kanjena nje kuke kwabikwa ngezehlakalo ezingi zodlame nokwesabisa emagatseni eqembu.

Ngasekuqaleni kwesonto kuthiwa elinye ilungu leqembu lasabisa lathi lizodubula elinye ilungu, ngesikhathi kuphambana imibono emhlanganweni weqembu eGauteng.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...