Kuzoba nezikhungo zokugada izalukazi

2012-10-10 12:02

Durban -  Kusungulwa izikhungo zabadala KwaZulu-Natal ngenhloso yokuvikela ogogo abahlala ezindaweni zasemakhaya ekudlwengulweni, kubika iSowetan.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni usufinyelele esisombululweni sokwakha izikhungo eziningi KwaZulu-Natal kulandela ukuhlaselwa kwabesifazane asebekhulile.

UNgqongqoshe  walo Mnyango, uWeziwe Thusi, ngoLwesibili uthe isikhungo sokuqala sizokwakhiwa KwaSwayimane, nokuyilapho kwadlwengulwa khona ogogo ababili.

Ngenyanga edlule isalukazi, 70, sadlwengulwa ekhaya laso phambi kwabazukulu eMatsheketsheni Reserve eSundumbili ogwini olusenyakatho yesifundazwe.

Ngesikhathi owesilisa, 26, evele enkantolo ngezinsolo zokudlwengula isalukazi, 94, izalukazi zaKwaSwayimane zazwakalisa ukuthi sezicabanga ukuyohlala ndawonye ukuze zivikelane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...